Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Omubi uyaboleka angabuyiseli, kepha olungileyo uhawukela, uyapha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Omubi uyoboleka angakubuyiseli, kodwa olungileyo unesisa, uyaphana.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:21
18 Referans Kwoze  

Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Umuntu omuhle uyahawukela, atsheleke; Uzoqhuba izindaba zakhe ngokuxoxa.


Ocebileyo ubusa ompofu, nobolekayo yisigqila somboleki.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.


Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.


UJehova uyakuvula ingcebo yakhe enhle, izulu, ukuba anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifanele, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena awuyikuboleka.


Muphe wonke umuntu ocela kuwe; nokwaphuca impahla yakho, ungabuyi uyicele kuye.


Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.


Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’


Khona abafundi bazimisela, kwaba yilowo nalowo njengamandla akhe, ukuthumela usizo kubazalwane abakhileyo eJudiya.


Kodwa abaphanayo bacabanga ngokuphana; futhi uyokuma ezintweni zokuphana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite