Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mdumiseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:3
18 Referans Kwoze  

Ngiyakulidumisa igama likaNkulunkulu ngehubo, ngimdumise ngokubonga.


UMariya wasesithi: Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi.


Bonke abakufunayo mabajabule bajabule kuwe; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo ukuthi: Makabe mkhulu uJehova;


Dumisani uNkulunkulu wethu, nina zizwe, nizwakale izwi lokudumisa kwakhe.


Mabajabule, bajabule, abathanda ukulunga kwami; yebo, mabasho njalonjalo: Makabe mkhulu uJehova othokoza ngokuphumelela kwenceku yakhe.


Lithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, nikhuleke kuye owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.


Ngaphezu kwalokho, inkosi uHezekiya nezikhulu bayala amaLevi ukuba ahlabelelele uJehova ngamazwi kaDavide naka-Asafa umboni. Bahlabelela izingoma zokudumisa ngentokozo, bagebisa amakhanda abo, bakhuleka.


UDavida wasesithi kulo lonke ibandla: Khathesi dumisani uJehova uNkulunkulu wenu. Ibandla lonke lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhothama, bakhuleka kuJehova nasenkosini.


Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.


Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.


Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mayijabule inhliziyo yabafuna uJehova.


Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, akazideleli iziboshwa zakhe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.


Kepha ozibongayo makazibonge ngakho, ukuze angiqonde, azi Mina, ukuthi nginguJehova owenza umusa, nokwahlulela, nokulunga emhlabeni; ngokuba lokhu ngiyathokoza,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite