Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ububi buyakumbulala omubi, nabazonda olungileyo bayakuba yihlane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Inkohlakalo iyombulala omubi, abazonda olungileyo bayojeza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:21
22 Referans Kwoze  

Futhi uyoletha ububi babo phezu kwabo futhi ababhubhise ngobubi babo; yebo, uJehova uNkulunkulu wethu uyakubabhubhisa.


abayakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade basuke ebusweni beNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo;


Maye kwababi! kuyakuba kubi kuye, ngokuba inkokhelo yezandla zakhe iyakunikwa yona.


Ngokuba olungileyo uyawa kasikhombisa abuye avuke, kepha ababi bayakuwela ebubini.


Futhi ngiyozinqoba izitha zakhe phambi kobuso bakhe futhi ngihluphe labo abamzondayo.


Kepha izakhamuzi zakhe zazimzonda, zathuma amanxusa emva kwakhe, zithi: “Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.


lokhu kuyinto elungileyo kuNkulunkulu ukuphindisela ukuhlupheka kwabanihluphayo;


Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.


Mabathukuthelele ihlazo labo abathi kimi: Ashila, ashila!


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; funa laba abangasokile bafike bangibhoboze bangithuke. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo.


Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Yasifa inkosi, yalethwa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusenendoda eyodwa, uMika, indodana kaJimila, esingabuza ngayo kuJehova; kodwa ngiyamzonda; ngoba akaprofethi okuhle ngami, kodwa okubi. UJehoshafati wathi: “Mayingasho njalo inkosi.


Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.


Kumelwe kudlelwe endlini eyodwa; akumelwe nikhiphe lutho lwenyama endlini; ungaphuli thambo layo.


Awela phansi, kodwa thina sasukuma sama saqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite