Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:16
15 Referans Kwoze  

Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngibhekise ubuso bami kini ukuba ngenze okubi, ngichithe wonke uJuda.


Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Inkumbulo yakhe iyoshabalala emhlabeni, futhi ngeke abe negama ezitaladini.


Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.


Noma beya ekudingisweni phambi kwezitha zabo, ngiyakuyala inkemba kusukela lapho, ibabulale; ngiyakubhekisa amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.


Ngase ngibona ababi bengcwatshwa, ababephuma besuka endaweni engcwele, bakhohlwa emzini ababekwenza kuwo; futhi kuyize.


UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Akawasusi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha uhlezi kanye namakhosi esihlalweni sobukhosi; yebo, uyazimisa kuze kube phakade, futhi ziphakeme.


Umhlaba wazamazama, wazamazama; Izisekelo zamagquma zazamazama, zazamazama, ngokuba Wayethukuthele.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe;


Ohlanyele indlebe akezwa yini? Owabumba ilihlo, kayikubona yini?


UJehova ukude nababi, kepha uyawuzwa umkhuleko wabalungileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite