Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngubani lo othanda ukuphila, othanda izinsuku eziningi ukuba abone okuhle, na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:12
16 Referans Kwoze  

Ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba ungukuphila kwenu nobude bezinsuku zenu, ukuze nihlale ezweni uJehova alifungela lona. Oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika bona.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho; futhi ukuze izinsuku zakho zande.


Futhi ukuthi wonke umuntu adle, aphuze, ajabulele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe, lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu.


Ngizomanelisa ngezinsuku ezinde futhi ngimenze abone insindiso yami.


Baningi abathi: “Ngubani ozosibonisa okuhle na? Jehova, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami alisayikubona okuhle.


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


Ngafuna enhliziyweni yami ukuba nginakwe iwayini, kepha ngayiqondisa inhliziyo yami ngokuhlakanipha; nokubamba ubuwula, ngize ngibone ukuthi lezo zinto zaziyini kubantwana babantu ababeyakuzenza phansi kwezulu zonke izinsuku zokuhamba kwabo.


Wacela ukuphila kuwe, wamnika kona, ubude bezinsuku kuze kube phakade.


Buthani nilalele, madodana kaJakobe! ulalele uyihlo u-Israyeli.


Kepha mina, kwangathi uNkulunkulu angangivimbela ukuba ngoni kuJehova ngokuyeka ukunithandazela; kodwa ngizonifundisa indlela enhle nelungile.


Uma kungenjalo, ngilaleleni; thula, mina ngizakufundisa ukuhlakanipha.


Ndodana yami, lalela amazwi ami; beka indlebe yakho emazwini ami.


Manje, bantwana, ngilaleleni, nilalele amazwi omlomo wami.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, nokwazi ongcwele kungukuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite