Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 28:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Ngikhala kuwe, Jehova, dwala lami; ungangithuli, funa ungithulele, ngingabi njengabehlela egodini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami, ungazenzi isithulu kimi, funa uma uthalalisa, ngifane nalabo abehlela egodini.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 28:1
21 Referans Kwoze  

Ngizwe, Jehova, umoya wami uyadangala; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabehlela egodini.


UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.


Masibashwabadele bephila njengethuna; futhi bephelele njengabehlela egodini;


Ihubo lika-Asafa. Ungathuli, Nkulunkulu; ungathuli, ungathuli, Nkulunkulu.


Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana.


Thembelani kuJehova kuze kube phakade, ngokuba uJehova unamandla aphakade.


Iyakukhulula umphefumulo wayo ekuyeni egodini, nokuphila kwayo kuyobona ukukhanya.


Ngokuba iHayidese alinakukudumisa, ukufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthemba iqiniso lakho.


Ukubonile lokhu, Jehova; ungathuli; Jehova, ungabi kude nami.


Kunanzuzoni egazini lami, uma ngehlela emgodini na? Ingabe uthuli luyokudumisa? ingabe izomemezela iqiniso Lakho?


Nkulunkulu wami, ngiyabiza emini, kepha awuzwa; nasebusuku, angithuli.


Ngambiza uJehova ngezwi lami, wangizwa esentabeni yakhe engcwele. Sela.


Kumholi wokuhlabelela, kuJeduthuni, ihubo lika-Asafa. Ngamemeza kuNkulunkulu ngezwi lami, ngezwi lami kuNkulunkulu; wangizwa.


Umfula ungangigcwali, umfula ungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli umlomo wawo phezu kwami.


Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe.


IMaskili likaDavide, umkhuleko esemhumeni. Ngambiza uJehova ngezwi lami; ngezwi lami kuJehova ngiyamncenga.


Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, idwala lami: Ungikhohlweleni? ngiyakulilelani ngokucindezelwa kwesitha na?


Hlabelelani kuJehova nina bangcwele bakhe, nidumise inkazimulo yobungcwele bakhe.


Ngathulula isikhalo sami phambi kwakhe; Ngakhombisa umzamo wami phambi kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite