Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 24:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova na? Ngubani oyakuma endlini yakhe engcwele na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 24:3
19 Referans Kwoze  

Ihubo likaDavide. Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? ngubani oyakuhlala entabeni yakho engcwele na?


Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.


Ubusisiwe umuntu omkhethayo, umvumele asondele kuwe, ukuze ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, okwethempeli lakho elingcwele.


Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.


Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni.


Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.


UDavide wazakhela izindlu emzini kaDavide, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.


USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na? UJesu wamphendula wathi: Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela ngasemuva.


UJehova wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lalela, ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikusho kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nemithetho yayo yonke; niqaphele umnyango wendlu, nazo zonke izindlela zokuphuma endlini engcwele.


Usho kanje uJehova, uthi: “Akukho owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama oyakungena endlini yami engcwele, nakunoma yimuphi owezizwe ophakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite