Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 23:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 23:5
23 Referans Kwoze  

Kuye yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikucabangayo ngokwamandla asebenza kithi.


Kepha nina niyakuluphakamisa uphondo lwami njengolwenyathi, ngigcotshwe ngamafutha amasha.


Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


UJehova uyisabelo sefa lami nendebe yami; uyalonda isiphetho sami.


Kanjalo ubeyakunisusa ekubandezelekeni, akuyise endaweni ebanzi lapho kungekho khona usizi; okubekwe phezu kwetafula lakho kuyakugcwala amanoni.


Kodwa nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, futhi niyazi zonke izinto.


Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.


Osiqinisayo kanye nani kuKristu, nosigcobileyo, nguNkulunkulu;


Inkezo yesibusiso esiyibusisayo, ayisikho ukuhlanganyela kwegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo, asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?


Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.


newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Kule ntaba uJehova Sebawoti uyakwenzela zonke izizwe ukudla okunamafutha, ukudla kwewayini elinenhlese, okunamafutha agcwele umongo, kwewayini elihlutshiweyo.


Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova.


Abathobekileyo bazakudla basuthe; bayakumdumisa uJehova abamfunayo; inhliziyo yakho iyophila phakade.


Yebo, bakhuluma kabi ngoNkulunkulu; bathi: UNkulunkulu angadeka itafula ehlane na?


Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lona wesifazane ugcobe izinyawo zami ngamafutha.


abaphuza iwayini ezitsheni, bazigcobe ngamafutha amakhulu, kepha abadabuki ngokuhlupheka kukaJosefa.


Bonke abakhulupheleyo emhlabeni bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe; futhi akekho ongagcina umphefumulo wakhe uphila.


Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho;


Iso lami liyobona ukunxanela izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ukunxanela ababi abangivukelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite