Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Nina enimesabayo uJehova, mdumiseni; nonke nina nzalo kaJakobe, mdumiseni; nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Nina enesaba uJehova, mbongeni; nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni, nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Nina enesaba uSimakade, mdumiseni! Nina nonke, bozalo lukaJakobe, mdumiseni, nani nonke, bozalo luka-Israyeli, nimesabe,

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:23
22 Referans Kwoze  

Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Futhi umusa wakhe uzizukulwane ngezizukulwane kulabo abamesabayo.


Nina enimesabayo uJehova, thembani kuJehova; Ungusizo lwabo nesihlangu sabo.


Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Babuya abelusi, bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nabakubonile, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.


Ngakho izizwe ezilamandla zizakudumisa, idolobho lezizwe ezesabekayo lizakwesaba.


Uzakwenza okufiswa ngabamesabayo; Futhi uyokuzwa ukukhala kwabo futhi abasindise.


Uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.


ukuze ngibone okuhle kwabakhethiweyo bakho, ukuze ngijabule entokozweni yesizwe sakho, ukuze ngizigqaje ngefa lakho.


Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yami yonke; ngiyakulikhazimulisa igama lakho kuze kube phakade.


Umhlaba wonke mawumesabe uJehova; bonke abakhileyo emhlabeni mabamesabe.


Inzalo iyakumkhonza; kuyakubalelwa eNkosini isizukulwane.


Unyawo lwami lumi endaweni ehlelelekileyo; emabandleni ngiyakumdumisa uJehova.


Ngiyakukubonga ebandleni elikhulu; Ngizokudumisa phakathi kwabantu abaningi.


Ngizamdumisa kakhulu uJehova ngomlomo wami; yebo, ngiyakumdumisa phakathi kwesixuku.


Dumisani uJehova. Ngithanda ukudumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami, ebandleni labaqotho nasebandleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite