Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba izinja zingihaqile, isixuku sababi singihaqile; babhoboza izandla zami nezinyawo zami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:16
27 Referans Kwoze  

Futhi omunye umbhalo uthi: Bazamkhangela abamhlabayo.


Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami.


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Ngakho abanye abafundi bathi kuye: Siyibonile iNkosi. Kodwa wathi kubo: Ngaphandle kokuthi ngibone ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, ngeke ngikholwe.


Khona amasosha esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo butho laba nesabelo; nejazi lakhe; ibhantshi lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.


Sebembethele esiphambanweni, babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa ngazo, ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.


Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi.


Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo.


Xwayani izinja, xwayani izisebenzi ezimbi, xwayani abasikayo.


Base beqinisa amazwi amakhulu befuna ukuba abethelwe. Futhi amazwi abo nawabapristi abakhulu aphumelela.


Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.


Sindisa umphefumulo wami enkembeni; sithandwa sami emandleni enja.


Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na?


Khona wathi kuTomase: Letha lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami, ungabi ngongakholwayo, kodwa okholwayo.


Babuya kusihlwa: babanga umsindo njengenja, bazungeza umuzi.


Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.


Nkulunkulu, abaziqhenyayo bangivukele, nezixuku zabanobudlova zifuna umphefumulo wami; futhi akakubekanga phambi kwabo.


Labo abambamba uJesu bamyisa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga.


Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo bakhohlisile; yebo, babiza isixuku emva kwakho; ningabakholwa, noma bekhuluma amazwi amahle kini.


Babuye kusihlwa; bakhamuluke njengenja, bazulazule emzini.


Izithandwa zami nabangane bami bami kude nokulimala kwami; abafowethu bamela khatshana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite