Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 21:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uyakubenza babe njengesithando somlilo ngesikhathi solaka lwakho; uJehova uyobashwabadela ngolaka lwakhe, futhi umlilo uyobaqeda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 21:9
28 Referans Kwoze  

Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;


UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.


Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.


Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;


UJehova wagwinya zonke izindlu zikaJakobe, akaba namusa kuye; ngentukuthelo yakhe yadiliza izinqaba zendodakazi yakwaJuda; Wabayisa emhlabathini; Wangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.


Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.


Khona-ke uyokhuluma kubo ngentukuthelo yakhe futhi abahluphe ngentukuthelo yakhe enkulu.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


Ukufa nesihogo kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili.


Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;


Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Kodwa inkosi yathukuthela yathukuthela, yasithuma amabutho ayo, abhubhisa labobabulali, atshisa umuzi wabo.


zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.


zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.


olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.


Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni.


Umhlaba wavuleka wamgwinya uDathani, wasibekela isixuku sika-Abiramu.


Ngokuba manje bekuyakuba nzima kunesihlabathi solwandle; ngalokho amazwi ami ayaginywa.


Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando.


UNkulunkulu obeke igama lakhe lapho uchitha wonke amakhosi nabantu abayoshaya esandleni sabo ukushintsha nokuchitha le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina, Dariyu, ngakhipha umyalo; makwenziwe ngesivinini.


Ngabalimaza ukuze bangakwazi ukusukuma; zawa phansi kwezinyawo zami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite