Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 20:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abanye bathemba izinqola, abanye amahhashi, kepha thina siyakulikhumbula igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 20:7
17 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kumuntu, enze inyama ibe yingalo yakhe, onhliziyo yakhe ifulathele uJehova.


Maye kulabo abehlela eGibhithe ukuze bathole usizo; bahlala emahhashini, bethemba izinqola, ngokuba ziziningi; nangabamahhashi, ngokuba banamandla kakhulu; kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli futhi abamfuni uJehova!


Ihhashi lilungiselwe usuku lwempi, kepha ukuphepha kuvela kuJehova.


Okunaye ingalo yenyama; kodwa okunathi uJehova unguNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu. Abantu bema emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.


U-Asa wayesekhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akulutho kuwe ukusiza, hhayi ngabaningi nabangenamandla; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu; ngokuba sincike kuwe, nangegama lakho siyakumelana nalesi sixuku. Jehova, unguNkulunkulu wethu; makungahlulwa muntu.


Ngiyakukhunjulwa egameni lakho ezizukulwaneni ngezizukulwane; ngalokho izizwe ziyakukubonga kuze kube phakade naphakade.


Kodwa lathi: Hatshi; ngoba siyakubaleka ngamahhashi; ngalokho niyakubaleka, nithi: Siyakugibela abanejubane; ngalokho abakusukelayo bayakuba ngamawala.


Abantwana bakwa-Israyeli babaleka phambi kukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noSobagi induna yempi, wafela khona.


UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amabili;


Abamelene noJehova bayochotshozwa; esezulwini uyakuduma phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela imikhawulo yomhlaba; iyakunika inkosi yayo amandla, iphakamise uphondo logcotshiweyo wayo.


Uzathembela kuye, ngoba amandla akhe makhulu? noma uzoshiya umshikashika wakho kuye na?


UJehova ungamandla abo, uyinqaba yokusindiswa kogcotshiweyo wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite