Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:8
18 Referans Kwoze  

Uyakubenza babe njengesithando somlilo ngesikhathi solaka lwakho; uJehova uyobashwabadela ngolaka lwakhe, futhi umlilo uyobaqeda.


Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.


Ngabachitha abanye benu njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomora, naba njengesikhuni esophulwe emlilweni; kepha anizisolanga kimi,” usho uJehova.


Kwaphuma umfula womlilo, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zezinkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe; ukwahlulela kwamiswa, nezincwadi zavulwa.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, wabaqeda, bafa phambi kweNkosi.


Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando.


Uma kukhona ofuna ukuwonakalisa, kuphuma umlilo emlonyeni wawo, uqede izitha zawo;


Uyawubheka umhlaba, uthuthumele; Uthinta amagquma, ashunqe.


IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? intukuthelo yakho ithunqeleni izimvu zedlelo lakho na?


UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.


Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.


Emlonyeni wakhe kuphuma izibani ezivuthayo, kuqhamuke izinhlansi zomlilo.


Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; okhuphukayo ephuma emgodini uyakubanjwa ogibeni, ngokuba amafasitele phezulu avulekile, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite