Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 16:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova uyisabelo sefa lami nendebe yami; uyalonda isiphetho sami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina, nendebe yami; wena uqinisa ifa lami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 16:5
28 Referans Kwoze  

Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo.


UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye.


Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho.


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; UJakobe uyisiphetho sefa lakhe.


Ngiyakumisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngakhe isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. Sela.


Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Ngalokho ngiyakuyabela izabelo kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla; ngokuba wawuthulula umphefumulo wakhe ekufeni, wabalelwa kanye nezoni; futhi wathwala izono zabaningi futhi wathandazela aboni.


Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova.


Ngokuba ulimisile ilungelo lami nendaba yami; uhlezi esihlalweni sobukhosi wahlulele ngokufaneleyo.


Yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


UJehova wafunga kuDavide ngeqiniso; akayikuphenduka kukho; Esithelweni somzimba wakho ngiyakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi.


Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Ngokuba intonga yababi ayiyikuhlala esabelweni sabalungileyo; ukuze abalungileyo bangeluli izandla zabo ebubini.


Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.


Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


LoJesu uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke.


Ngakho abayikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa labo, njengokusho kwakhe kubo.


Ngokuba uJehova wenze iJordani laba umkhawulo phakathi kwethu nani bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi. Awunasabelo kuJehova; ngakho abantwana benu bazakwenza ukuthi abantwana bethu bayeke ukumesaba uJehova.


Kodwa ukuze kube ngubufakazi phakathi kwethu lani lezizukulwaneni zethu ngemva kwethu, ukuze sifeze inkonzo kaJehova phambi kobuso bakhe ngeminikelo yethu yokutshiswa lemihlatshelo yethu langeminikelo yethu yokubonga; ukuze abantwana benu bangasho ngesikhathi kubantwana bethu ukuthi: Aninasabelo kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite