Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 145:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Umbuso wakho ungumbuso waphakade, nombuso wakho uzizukulwane ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 145:13
13 Referans Kwoze  

Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Yanikwa ukubusa, nenkazimulo, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wakhe ongayikuchithwa.


Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.


UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.


Futhi ezinsukwini zala makhosi uNkulunkulu wezulu uyovusa umbuso ongayikuchithwa phakade; umbuso awuyikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuphahlaza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu.


Umbuso, nokubusa, nobukhulu bombuso phansi kwezulu lonke kuyakunikwa abantu abangcwele boPhezukonke, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nakho konke ukubusa kuyakumkhonza, kumlalele.


UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.


Wena Jehova, uphila kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Kwathi leli zwi lisesemlonyeni wenkosi, kwawa izwi ezulwini, lathi: “Kukhulunyiwe kuwe, nkosi Nebukadinesari; Umbuso umukile kuwe.


Uyahlenga, asindise, wenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, owakhulula uDaniyeli emandleni ezingonyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite