Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 142:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena wayazi indlela yami. Endleleni engangihamba ngayo bangibekela ugibe ngasese.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 142:3
20 Referans Kwoze  

Ngigcine ezingibeni abangibekele zona, nasemithini yabenzi bobubi.


Abazidlayo bangifihlele ugibe nezintambo; beneka inetha endleleni; bangifakela igin. Sela.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uletha iviyo phezu kwabo ngokuzuma; ngoba bemba umgodi wokungibamba, bafihlela inyawo zami imijibila.


Ngakho umoya wami uyaphela amandla phakathi kwami; inhliziyo yami iyabila phakathi kwami.


Ngiyakukhuleka kuwe ngisemikhawulweni yomhlaba, lapho inhliziyo yami isidangale; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


Inhliziyo yami ishayekile, ibunile njengotshani; ngize ngikhohlwe ukudla isinkwa sami.


Ngacabanga ngoNkulunkulu, ngakhathazeka; ngakhononda, umoya wami waphela amandla. Sela.


Bayabuthana, bacashe, baqaphele izinyathelo zami, belindele umphefumulo wami.


Ngikhiphe enetheni abangibekele lona ngasese, ngokuba wena ungamandla ami.


Ngithululiwe njengamanzi, namathambo ami onke ahlangene; inhliziyo yami injengengcina; kuncibilike phakathi kwamathumbu ami.


Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyobhubha.


Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide.


Khona abaFarisi basuka benza icebo lokumthiya ekukhulumeni kwakhe.


Uyihlolisisile inhliziyo yami; Wangivakashela ebusuku; ningilingile, anizukuthola lutho; Nganquma ukuthi umlomo wami awuyikweqa.


Ngempela, abantu abaphansi bayize, nabantu abaphakeme bangamanga;


Umkhuleko wosizi lapho ecindezelekile ethulula ukukhononda kwakhe phambi kukaJehova. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ukukhala kwami kufike kuwe.


Vuka, ukhale ebusuku; thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kukaJehova ekuqaleni kwemilindo; phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwabantwana bakho abafa yindlala ezingqongeni zonke zemigwaqo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite