Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 14:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova wabuka esezulwini abantwana babantu ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 14:2
29 Referans Kwoze  

akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu.


Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


UNkulunkulu wawubheka umhlaba, bheka, wawonakele; ngoba yonke inyama iyonakalisile indlela yayo emhlabeni.


Abaningi bayakuhlanjululwa, benziwe mhlophe, bacwengisiswe; kepha ababi bayakwenza okubi; futhi akukho noyedwa omubi oyoqonda; kepha abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.


Kodwa okuhle kwatholakala kuwe ngoba wasusa izihlahla elizweni, walungisa inhliziyo yakho ukuthi ifune uNkulunkulu.


Ongenalwazi makaphendukele lapha; futhi lowo ofuna ukuqonda uthi kuye:


Abazi, futhi ngeke baqonde; bahamba ebumnyameni: zonke izisekelo zomhlaba zibolile.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yakho engcwele neyenkazimulo yakho: iphi ukushisekela kwakho namandla akho, nomsindo wezibilini zakho nomusa wakho kimi na? babeboshiwe?


Ngokuba abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana ababuthakathaka, futhi abanakuqonda; bahlakaniphile ekwenzeni okubi, kepha ukwenza okuhle abakwazi.


Funani uJehova esekhona, nimbize eseseduze.


Uma ingatsha zawo zibunile, ziyakuphulwa; beza abesifazane bazithungele ngomlilo; ngoba bangabantu abangenangqondo; ngakho-ke Lowo owabenzayo akayikuba nesihe kubo, futhi Lowo owababumba akazukubonisa umusa.


Nxa bethi kini: Bhekani imimoya yabafileyo nabathakathi abaqamekelayo, abavungamayo; abantu abayikumfuna uNkulunkulu wabo na? kwabaphilayo kwabafileyo na?


Nina bangenalwazi, qondani ukuhlakanipha, nani ziwula, hlakaniphani ngenhliziyo.


Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela nokulunga; yebo, yonke imigwaqo emihle.


Umuntu okhutheleyo akazi; futhi isiwula asikuqondi.


UJehova aze abheke phansi abone esezulwini.


Ongenalwazi makaphendukele lapha;


Lowo ohlakaniphileyo futhi ofuna ukugcina lezi zinto uyoqonda futhi umusa kaJehova.


Manje ngizokwehla ngibone uma benzile ngokuphelele ngokuvumelana nokukhala kwalokho okwafika kimi; futhi uma kungenjalo, ngizokwazi.


UJehova wehla ukuze abone umuzi nombhoshongo abantwana babantu ababewakhile.


Uma ungadabula izulu, wehle, izintaba zehle phambi kwakho,


Abathobekileyo bazakubona bathokoze, lenhliziyo yenu edinga uNkulunkulu izaphila.


Olungisa inhliziyo yakhe ukuba ifune uNkulunkulu, uJehova, uNkulunkulu wawoyise, nakuba engahlanjululwanga njengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.


Uyini umuntu ukuba abe mhlophe? nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.


Gijimani ezitaladini zaseJerusalema, nibheke, nazi, nifunisise ububanzi bayo, uma ningathola umuntu owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; futhi ngizokuthethelela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite