Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 14:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benza okunengekayo, akekho owenza okuhle.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 14:1
32 Referans Kwoze  

Omubi akayikumfuna uNkulunkulu ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe; uNkulunkulu akekho kuyo yonke imicabango yakhe.


Kumholi wokuhlabelela ngoMahalati, iMaskili, iHubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bonakele, futhi benze ububi obunengekayo; akakho owenza okuhle.


Umuntu okhutheleyo akazi; futhi isiwula asikuqondi.


UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.


Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe;


Ngokuba enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza;


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.


Ngalesosikhathi naningenaye uKristu, ningaphandle kombuso ka-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni.


Ngisho noma uhlahlela isiwula odakeni phakathi kukakolweni ngokuhlatshwa, ubuwula baso abuyikusuka kuso.


Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?


Futhi nithi: UNkulunkulu ukwazi kanjani lokhu na? angahlulela phakathi kwefu elimnyama na?


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.


O sizwe esonayo, abantu abasindwa ngobubi, sizukulwane sabenzi bokubi, bantwana abonakele; bamshiyile uJehova, bamklolodela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehla nyovane.


Iziwula zicindezelwe iziphambeko zazo nangenxa yobubi bazo.


Kakhulu kangakanani onengeka nongcolile umuntu ophuza ububi njengamanzi?


Inkosi yami mayingamnaki lo muntu omubi, uNabali, ngokuba njengegama lakhe unjalo; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina nceku yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithuma.


Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kodwa kuyisinengiso kuziwula ukusuka ebubini.


Ngokuba ngaba nomhawu ngeziwula lapho ngibona ukuchuma kwababi.


Ngoba kakho umuntu olungileyo emhlabeni owenza okuhle njalo angoni.


Baphika iNkosi, bathi: “Akusiyo; futhi akukho okubi okuyosehlela; futhi ngeke sibone inkemba noma indlala.


Bonke bangabahlengi abanonya, abahamba ngokuhlambalaza; bayithusi nensimbi; bonke bakhohlakele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite