Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 133:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Bheka, kuhle, kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 133:1
20 Referans Kwoze  

Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye.


Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.


Maluqhubeke uthando lobuzalwane.


ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.


Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.


UAbrama wasesithi kuLothi: Kakungabi khona ukuxabana phakathi kwami lawe laphakathi kwabelusi bami labelusi bakho; ngoba singabazalwane.


Wasebamukisa abafowabo, basebesuka, wathi kubo: Qaphelani ukuthi lingawa endleleni.


Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise nezinyane lembuzi; ithole nebhongo lengonyama nezilwane ezikhuluphalisiweyo kanyekanye; nomntwana omncane uyakuzihola.


IsiHlabelelo sikaDavide. Jehova, inhliziyo yami ayiphakamile, namehlo ami awaphakeme; futhi angizivivinyi ezindabeni ezinkulu noma ezintweni eziphakeme kakhulu kimi.


Umhawu ka-Efrayimi uyomuka, nabamelene noJuda bayonqunywa; U-Efrayimi ngeke amhawukele uJuda, noJuda ngeke amcasule u-Efrayimi.


Ihubo likaDavide. Ngajabula lapho bethi kimi: “Masingene endlini kaJehova.


Aziyikulimaza, zingachithi yonke intaba yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.


IsiHlabelelo sikaDavide uma bekungesiye uJehova ngakithi, u-Israyeli ubengathi;


Futhi uba indlu ihlukene phakathi, leyondlu ayinakuma;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite