Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 13:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha mina ngethemba umusa wakho; inhliziyo yami iyojabula ngensindiso yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 13:5
18 Referans Kwoze  

Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu kuze kube ngukuphila okuphakade.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.


Kepha mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabule kuNkulunkulu wensindiso yami.


Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngiyethemba umusa kaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade.


Ukuze ngishumayele zonke izindumiso zakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni; ngizakwethaba ngensindiso yakho.


CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho.


Yeka ubukhulu bomusa wakho, Nkulunkulu! ngalokho abantwana babantu babeka ithemba labo ethunzini lamaphiko akho.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe;


Ziningi izinsizi zomubi, kepha othembela kuJehova, umusa uyakumhaqa.


Nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu uMsindisi wami.


UJehova uyathokoza kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Ngibuyisele intokozo yensindiso yakho; futhi ungisekele ngomoya wakho okhululekile.


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyajabula kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami uvulekile phezu kwezitha zami; ngoba ngithokoza ngensindiso yakho.


Babuya abelusi, bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nabakubonile, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.


Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.


Ngoba ngimi ngomumo, losizi lwami luphambi kwami njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite