Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:78 - Contemporary Zulu Bible 2024

78 Abazidlayo mabajabhe; ngokuba bangiphathe kabi ngeze, kepha ngiyakuqaphela imiyalo yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

78 Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

78 Abazikhukhumezayo mabajabhe, ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu; nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:78
18 Referans Kwoze  

Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.


Kodwa lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke ilizwi elilotshiweyo emthethweni wabo elithi: Bangizonda ngeze.


Abazidlayo bangiklolodela kakhulu, kepha mina angichezuki emthethweni wakho.


Izikhulu zahlala zakhuluma ngami, kepha inceku yakho yazindla izimiso zakho.


Yebo, makangajabhiswa noyedwa okulindileyo; mabajabhe abeqa ngeze.


Abazidlayo bayokhubeka bawe, futhi akekho oyobaphakamisa; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, umqede nxazonke.


Ubakhuzile abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Bangihaqa ngamazwi enzondo; walwa nami ngaphandle kwesizathu.


Abangizondayo ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; labo ababefuna ukungibhubhisa, ngoba beyizitha zami, banamandla; ngase ngibuyisela lokho engingakuthathanga.


Mabame benamahloni, bajabhe kanyekanye abathokoza ngeshwa lami; mabembeswe ihlazo nehlazo abangikhulisa ngalo.


Ngokuba bangifihlele ngeze inetha labo emgodini, abawumbele umphefumulo wami ngaphandle kwesizathu.


Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; futhi uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.


Wathi: “Inkosi yami ixoshelani inceku yayo kanje na?” ngenzeni noma buphi ububi obusesandleni sami?


Wathi kuDavide: “Wena ulungile kunami, ngokuba ungibuyisele okuhle, mina ngikuphindisele okubi.”


Ngiyakuzindla ngemiyalo yakho, ngihloniphe izindlela zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite