Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wasiyala ukuba sigcine imiyalo yakho eduze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:4
20 Referans Kwoze  

Ngokuba uthando lukaNkulunkulu yilokhu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.


Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Kodwa ngabayala le nto ngathi: Lalelani izwi lami, futhi ngizoba nguNkulunkulu wenu, futhi niyoba ngabantu bami; nihambe ngezindlela zonke enginiyale ngazo, ukuze kube kuhle kini.


Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Ngokuba ngiyakuyala namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe, nigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze niphile, nande; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa ezweni oya kulo ukulidla.


Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe zonke, ninamathele kuye;


Kumelwe niyigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu nobufakazi bakhe nezimiso zakhe aniyale ngazo.


Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;


OMose no-Aroni benza-ke njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza; ukuze kukuhambele kahle, nande, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


Futhi nami, nkosi u-Aritahishashita, ngiyaleza bonke abaphathi-zimali abangaphesheya komfula ukuthi konke u-Ezra umpristi, isazi somthetho kaNkulunkulu wezulu, ayakukubuza kini, makwenziwe masinyane;


NginguJehova uNkulunkulu wenu; hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite