Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:36 - Contemporary Zulu Bible 2024

36 Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, hhayi ekuhaheni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:36
19 Referans Kwoze  

Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.


Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.


Ukuze athobise izinhliziyo zethu kuye, ukuze sihambe ezindleleni zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.


Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Nkulunkulu, dalele kimi inhliziyo ehlanzekileyo; uvuse umoya oqondileyo phakathi kwami.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa kwenhliziyo yakhe, abusise ohahayo, uJehova amzondayo.


Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe;


Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.


Ungayithambekisi inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi, ukwenza izenzo ezimbi nabantu abenza okubi; futhi ungangivumeli ngidle izibiliboco zabo.


Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukhethe kubo bonke abantu amadoda afanelekayo amesabayo uNkulunkulu, amadoda eqiniso, azondayo ukuhaha; wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zeshumi.


Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:


Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;


NabaFarisi abahahayo bezwa konke lokho, bamklolodela.


Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.


Wo kuye ofisela indlu yakhe inzuzo embi, ukuze abeke isidleke sakhe phezulu, akhululwe emandleni omubi!


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite