Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:2
24 Referans Kwoze  

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke.


Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho.


Kodwa uma nifuna uJehova uNkulunkulu wenu lapho, niyomthola, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;


Zonke izindlela zikaJehova zingumusa nokuthembeka kwabagcina isivumelwano sakhe nobufakazi bakhe.


Ngiyakufaka uMoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho abone izindlela zami.


Kumelwe niyigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu nobufakazi bakhe nezimiso zakhe aniyale ngazo.


Nakuyo yonke imisebenzi ayiqala enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nomthetho, nemiyalo yokufuna uNkulunkulu wakhe, wayenza ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.


ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi wazi zonke.


ukuze bagcine izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Dumisani uJehova.


Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho.


Susa kimi isihlamba nokudelelwa; ngoba ngigcinile ubufakazi bakho.


Ngabiza wena; ngisindise, ngigcine ubufakazi bakho.


Manje nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani, nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu, nilethe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezitsha ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.


AMAGILI. Yenza kahle encekwini yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho.


HE. Ngifundise, Jehova, indlela yezimiso zakho; futhi ngizoyigcina kuze kube sekupheleni.


Ngiqondise, ngigcine umthetho wakho; yebo, ngizoyigcina ngenhliziyo yami yonke.


CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho.


Abazidlayo bangiqambele amanga, kepha mina ngiyakugcina imiyalo yakho ngayo yonke inhliziyo yami.


Ngiphilise ngokomusa wakho; kanjalo ngiyakugcina ubufakazi bomlomo wakho.


Ngizinqandile izinyawo zami kuzo zonke izindlela ezimbi, ukuze ngigcine izwi lakho.


Sukani kimi nina benzi bokubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite