Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:157 - Contemporary Zulu Bible 2024

157 Baningi abangizingelayo nezitha zami; nokho angichezuki ebufakazini bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

157 Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi; kepha ebufakazini bakho angichezuki.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

157 Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:157
18 Referans Kwoze  

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Abazidlayo bangiklolodela kakhulu, kepha mina angichezuki emthethweni wakho.


Akayikuphelelwa amandla, noma aphele amandla, aze akhiphe isahlulelo emhlabeni; neziqhingi ziyolindela umthetho wakhe.


Unyawo lwami lwabambelela ezinyathelweni zakhe, ngagcina indlela yakhe futhi angiphambukanga.


Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.


Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;


Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Ababi bangibekele ugibe, kepha angidukanga emiyalweni yakho.


Izitha zami ziyakungidla imihla ngemihla, ngokuba baningi abalwa nami, O oPhezukonke.


Konke lokhu kusehlele; nokho asikukhohlwanga wena, nesivumelwano sakho asenzanga amanga.


Nakani izitha zami; ngokuba baningi; futhi bayangizonda ngenzondo enonya.


Ngokuba izinja zingihaqile, isixuku sababi singihaqile; babhoboza izandla zami nezinyawo zami.


Izinkunzi eziningi zangihaqa, izinkunzi zaseBashani ezinamandla zangihaqa.


IZigayoni kaDavide, ayihubela uJehova ngamazwi kaKushe wakwaBenjamini. Jehova Nkulunkulu wami, ngithembele kuwe; ngikhulule kubo bonke abangizingelayo, ungisindise.


Esakhuluma, bheka, kwafika uJudasi, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite