Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 116:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami; ngoba uJehova ukwenzele okuhle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami, ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 116:7
8 Referans Kwoze  

Ngifuna ukuhlabelela kuJehova, ngoba ungenzele okuhle.


Ngakho-ke, ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova; ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakuhlenga usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, athule, akakho omesabisayo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.


AMAGILI. Yenza kahle encekwini yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho.


Engafunga kubo entukuthelweni yami ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwami.


Uyakuxosha izithandwa zakhe, kepha aziyikuzifica; futhi uyozifuna, kodwa angazitholi; khona-ke uzakuthi: Ngizahamba ngibuyele endodeni yami yokuqala; ngoba ngaleso sikhathi kwakungcono ngami kunamanje.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite