Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 115:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova uyakunandisa kini, nina nabantwana benu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova uyakunandisa, nina nabantwana benu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 USimakade makanandise, nina nabantwana benu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 115:14
19 Referans Kwoze  

(UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makanandise ngokuphindwe kayinkulungwane kunalokhu eniyikho, anibusise njengokuthembisa kwakhe kini!)


Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.


Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.


UJowabe wayesethi enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho uyakwenezela abantu ngokuphindwe kayikhulu, noma ngabe baningi kangakanani, namehlo enkosi yami, inkosi, akubone; kodwa inkosi yami, inkosi, ithokozelani lendaba?


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.


Emva kwalokho ngabona, bheka, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, siphuma kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, namasundu embethe izingubo ezimhlophe izandla zabo;


Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.


Futhi kubo kuyophuma ukubonga nezwi labajabulayo; ngiyakubandisa, bangabi yingcosana; futhi ngizobakhazimulisa, futhi ngeke badelelwe.


Ngizabashayela ikhwelo ngibabuthe; ngokuba ngibahlengile, futhi bayokwanda njengoba bandile.


Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


Uzakwenza labo abavela kuJakhobe bamile izimpande: uIsrayeli uzaqhakaza, ahlume, agcwalise ubuso bomhlaba ngesithelo.


INkosi uJehova, ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Nokho ngiyakubuthela abanye kuye, ngaphandle kwalabo ababuthelwe kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite