Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 115:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kodwa ulidumise igama lakho, ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 115:1
17 Referans Kwoze  

Ngenxa yami, yebo, ngenxa yami, ngiyakukwenza; ngokuba igama lami lingangcoliswa kanjani na? futhi angiyikunika omunye udumo lwami.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwabezizwe, engabakhupha phambi kwamehlo abo.


Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe; wenze umhlatshelo, ungene emagcekeni akhe.


Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, usho uJehova, makwazeke kini; yibani namahloni, nibe namahloni ngezindlela zenu nina ndlu ka-Israyeli.


kube yinkazimulo yenkazimulo yomusa wakhe asenze ngawo umusa ngothandiweyo.


Ngakho yithi kuyo indlu kaIsrayeli: Itsho njalo iNkosi; Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilingcolisile phakathi kwezizwe eniye kuzo.


O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.


Uyakuma phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; lungisela umusa neqiniso, okungayilondoloza.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Uzafakazela iqiniso kuJakobe lakuAbrahama umusa owathembisa okhokho bethu ngesifungo kusukela ezinsukwini.


Vuka, Nkulunkulu, uyithethelele indaba yakho; cabanga ukuthi isiwula sikuthuka kanjani nsuku zonke.


Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite