Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 112:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 112:4
26 Referans Kwoze  

Futhi ukuguga kwakho kuyokhanya kunemini enkulu; uzokhanya, ufane nokusa.


Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu.


Ukukhanya kuhlwanyelwa olungileyo, nenjabulo kwabaqotho ngenhliziyo.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile.


Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu.


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi wonke owenza ukulunga uzelwe nguye.


Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.


Dumisani uJehova. Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


(Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;)


Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu.


Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.


Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo;


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe.


Kumelwe unqume okuthile, futhi kuyokuma kuwe, futhi ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.


lapho isibane sakhe sikhanyisa ekhanda lami, nalapho ngidabula ebumnyameni ngokukhanya kwakhe;


UJehova ulesihawu futhi ulungile; yebo, uNkulunkulu wethu ulesihawu.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke.


Ophishekela ukulunga nesihawu uthola ukuphila nokulunga nodumo.


Khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma njengokusa, nokuphila kwakho kuyakuhluma masinyane; ukulunga kwakho kuyakuphumela phambi kwakho; inkazimulo kaJehova iyakuba ngumvuzo wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite