Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 109:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Njengokwembatha isiqalekiso njengengubo yakhe, kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi nanjengamafutha emathanjeni akhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wagqoka ukuthuka njengesambatho, kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Wagqoka isiqalekiso njengengubo, sangena ezibilini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 109:18
14 Referans Kwoze  

Ngakho ukuziqhenya kubahaqa njengeketanga; ubudlwangudlwangu bubambozile njengengubo.


Lawa manzi esiqalekiso ayakungena ezibilinini zakho, avuvukalise isisu sakho, abolise okhalweni lwakho. Futhi owesifazane kumelwe athi: Amen, amen.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela;


Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Kepha manje nani lahlani zonke lezi; ulaka, nolaka, nenzondo, nokuhlambalaza, nokukhuluma amanyala emlonyeni wenu.


Ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe.


Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke.


INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.


Ngembatha ukulunga, kwangembathisa; ukwahlulela kwami kwakunjengengubo nejazi.


Uma emphuzise la manzi, kuyakuthi, uma engcolisiwe, umyeni wakhe ephinga, amanzi esiqalekiso ayakungena kuye, abe ababa, isisu sakhe sivuvukele, abole inyonga yakhe; owesifazane uyakuba yisiqalekiso phakathi kwabantu bakubo.


Makube kuye njengesambatho esimbathayo, nanjengebhande azibhince ngalo lonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite