Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 107:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 Wenza imifula ibe ugwadule, nemithombo yamanzi emhlabathini owomileyo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi, isigagadu,

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 107:33
16 Referans Kwoze  

Kungani ekufikeni kwami kwakungekho muntu? ngithe ngifona kungekho ophendulayo? Isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singehlenge na? noma anginawo amandla okusindisa na? Bheka, ngokusola kwami ngomisa ulwandle, nemifula ibe ugwadule; izinhlanzi zabo ziyanuka, ngokuba kungekho manzi, ziyafa ukoma.


Ngiyakuchitha izintaba namagquma, ngomise zonke izitshalo zakho; ngiyakwenza imifula ibe yiziqhingi, ngomise namachibi.


Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, abhubhise i-Asiriya; futhi uyokwenza iNineve libe ihlane nelome njengehlane.


Ngalokho kuphila kwami, usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, isibili, uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, okuzala amakhakhasi neziphethu zikasawoti, kube yincithakalo ephakade, insali yabantu bami. Bayoziphanga, futhi insali yabantu bami iyoba ifa.


Uyakhuza ulwandle, alomise, ayomise nemifula yonke; iBashani liyabuna neKarmeli, nembali yaseLebanoni iyabuna.


Nezilwane zasendle ziyakhala kuwe, ngokuba imifula yamanzi yomile, nomlilo udlile amadlelo asogwadule.


Ngiyakomisa imifula, ngithengise ngezwe esandleni sababi; ngiyakwenza izwe nakho konke okukulo kube yihlane ngesandla sabafokazi; mina Jehova ngikukhulumile.


Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, abafumananga manzi; babuya nezimbiza zabo zingenalutho; baba namahloni, bajabha, bamboza amakhanda abo.


Othi kulo utwa: Yitshani, ngikomise imifula yakho.


Nguwena owahlukanisa umthombo nomfula, womisa imifula enamandla.


U-Ahabi wayesethi ku-Obadiya: “Hamba uye ezweni, emithonjeni yonke yamanzi nakuyo yonke imifudlana; mhlawumbe singafumana utshani bokuphila amahhashi neminyuzi, ukuze singalahlekelwa yizo zonke izilwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite