Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 106:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

41 Wabanikela esandleni sabezizwe; labo ababebazonda bababusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 Wabanikela esandleni sabezizwe, babusiswa ngababazondayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 106:41
16 Referans Kwoze  

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, ngokuba benza okubi emehlweni kaJehova.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Ristayimi, inkosi yase-Aramu Pothamiya;


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


Ngalokho uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kini, ngendlala, nangokoma, nangobuze, nangokuswela konke; iyakubeka ijoka lensimbi entanyeni yakho ize ikuchithe.


Isithelo sezwe lakho nomsebenzi wakho wonke kuyakudliwa yisizwe ongasazi; futhi uyochotshozwa njalo uchotshoziwe.


Uyophumputha emini njengempumputhe ebumnyameni, futhi ngeke uphumelele ezindleleni zakho; niyocindezelwa njalo nje, niphangwe, kungabikho onisindisayo.


UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.


Base benyukela esiqongweni sedwala lase-Etamu abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda, bathi kuSamsoni: “Awukwazi yini ukuthi amaFilisti ayabusa phezu kwethu na? yini lena osenze yona? Wathi kubo: “Njengoba benza kimi, ngenza kanjalo kubo.”


UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; masiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu, mangingaweli esandleni somuntu.


Bheka, yingakho ngelulela isandla sami phezu kwakho, nganciphisa ukudla okudlayo, ngakunikela entandweni yabakuzondayo, amadodakazi amaFilisti anamahloni ngendlela yakho eyihlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite