Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyobhubha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 1:6
17 Referans Kwoze  

Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.


Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa.


Indlela yomubi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda ophishekela ukulunga.


UNkulunkulu unguJehova, uyinqaba elondekile ngosuku lwenhlupheko; futhi uyabazi abamethembayo.


UJehova uyabavikela abezizweni; uyasiza izintandane nabafelokazi, kepha indlela yababi uyayihlehlisa.


Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela;


Kukhona indlela ebonakala ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo;


Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide.


Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena wayazi indlela yami. Endleleni engangihamba ngayo bangibekela ugibe ngasese.


Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo;


Ababi bayokubona badabuke; agedle amazinyo, ancibilike; isifiso sababi siyabhubha.


Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo.


Uzalinda inyawo zabangcwele bakhe, lababi bazathuliswa ebumnyameni; ngoba ngamandla kakho ozanqoba.


Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite