Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 9:57 - Contemporary Zulu Bible 2024

57 Futhi bonke ububi babantu baseShekemi uNkulunkulu wabubuyisela phezu kwamakhanda abo, futhi isiqalekiso sikaJothamu, indodana kaJerubali, sehlela phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

57 UNkulunkulu wabuye wenza nobubi babantu baseShekhemi ukuba behlele phezu kwabo, baphinde behlelwa nayisiqalekiso uJothamu, indodana kaJerubhali, ayesikhulume kubo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 9:57
14 Referans Kwoze  

Kepha uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abimeleki, udle abaseShekemi nendlu yaseMilo; makuphume umlilo kubemi bakwaShekem nasendlini yeMilo, udle u-Abimeleki.


Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngo-Abiramu, izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngoSegubi indodana yakhe encane, njengezwi likaJehova alikhuluma enkonzweni kaJoshuwa, indodana kaNuni.


U-Abimeleki walwa nomuzi ngalolo suku lonke; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawuchitha umuzi, wawuhlwanyela ngosawoti.


UJoshuwa wabaqalekisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo salo ngezibulo lakhe, futhi indodana yakhe encane iyomisa amasango alo.


Ukuze ububi obenziwa kumadodana kaJerubali angamashumi ayisikhombisa bufike, negazi lawo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owawabulalayo; nangabakwaShekemi abamsiza ekubulaleni abafowabo.


Kanjalo uNkulunkulu waphindisela ububi buka-Abimeleki abenza kuyise ngokubulala abafowabo abangamashumi ayisikhombisa.


Emva kuka-Abimeleki kwasukuma uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba avikele u-Israyeli; wahlala eSamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, elawela phezu kwabantu ababili ababelungile nabangcono kunaye, ababulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi, u-Abineri indodana kaNeri; induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Wayesethi u-Adoni-bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisithupha neshumi ayenquma izithupha noqukula abutha phansi kwetafula lami; njengoba ngenzile, kanjalo uNkulunkulu ungibuyisele. Basebemyisa eJerusalema, wafela khona.


Futhi ngibuthakathaka namuhla, noma ngagcotshwa njengenkosi; lawa madoda, amadodana kaSeruya, alukhuni kimi; uJehova uyakubuyisela umenzi wobubi njengobubi bakhe.


Ngiyakumbonga uJehova ngokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.


Futhi uyoletha ububi babo phezu kwabo futhi ababhubhise ngobubi babo; yebo, uJehova uNkulunkulu wethu uyakubabhubhisa.


Omubi uyakuthatha ububi bakhe, aboshwe ngezintambo zezono zakhe.


Maye kwababi! kuyakuba kubi kuye, ngokuba inkokhelo yezandla zakhe iyakunikwa yona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite