Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 8:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Abantwana bakwa-Israyeli abamkhumbulanga uJehova uNkulunkulu wabo owabakhulula esandleni sezitha zabo zonke nxazonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Abantwana bakwa-Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wabo owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Abakwa-Israyeli abamkhumbulanga uSimakade uNkulunkulu wabo, owayebakhulule esandleni sazo zonke izitha zabo ezazibazungeze nxazonke.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 8:34
10 Referans Kwoze  

Abazange bacabange ngesandla sakhe loba usuku abakhulula ngalo esitheni.


Wakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe ababonise zona.


Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe;


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ingubo yakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;


Kwavutha umlilo ebandleni labo; ilangabi lashisa ababi.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.


Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;


abacabanga ukwenza abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisayo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngoBali.


Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite