Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 7:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 AbakwaMidiyani nabase-Amaleki, nabo bonke abasempumalanga babelele esigodini bebaningi njengesikhonyane; namakameli abo engenakubalwa njengesihlabathi solwandle.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 7:12
16 Referans Kwoze  

USeba noSalimuna baseKarkori, namabutho abo kanye nabo, kungathi amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke abaseleyo kuwo wonke amakamu abantwana basempumalanga; ngoba kwawa amadoda ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ahloma inkemba.


Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; ngokuba bona namakamela abo babengenakubalwa, bangena ezweni ukuba balichithe.


Lapho u-Israyeli ehlwanyela, amaMidiyani akhuphuka, nama-Amaleki, nabantwana basempumalanga, bakhuphukela kubo;


Base bephuma, bona nawo onke amabutho abo kanye nabo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi.


Akukho nkosi esindiswa ngobuningi bempi; iqhawe alisindiswa ngamandla amakhulu.


Ihubo likaDavide, lapho ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe. Jehova, yeka ukuthi baningi abangihluphayo; baningi abangivukelayo.


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakungcono kunokuhlakanipha kwabo bonke abantwana bezwe lasempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.


Bonke abakwaMidiyani nama-Amaleki nabantwana basempumalanga babuthana, bawela, bamisa esigodini saseJizreyeli.


Lapho uGideyoni efika, bheka, kwakukhona umuntu owaxoxela umngane wakhe iphupho, wathi: “Bheka, ngiphuphe iphupho, bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali liwela phakathi kwebutho lakwaMidiyani nasetendeni, layishaya. Yawa, yawugumbuqela, kwaze kwalala itende ngohlangothi lwayo.


UDavide wababulala kusukela kusihlwa kwaze kwaba kusihlwa ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazigibele amakamela, zabaleka.


Bayogawula ihlathi lakhe, usho uJehova, nakuba lingenakuphenywa; ngoba baningi kunesikhonyane futhi abanakubalwa.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Abantwana bakwa-Israyeli basebebalwa, bonke batholakala, bahambela kubo; kepha ama-Aramu agcwalisa izwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite