Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 6:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga eyayisesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwakhuphuka umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo. Ingelosi kaJehova yasuka ebusweni bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ingelosi kaSimakade yayisithinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ngesihloko senduku eyayisesandleni sayo; kwaphuma umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaSimakade yayisinyamalala emehlweni akhe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 6:21
8 Referans Kwoze  

Kwaphuma umlilo phambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; kwathi bonke abantu bekubona, bakhala, bawa ngobuso.


USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nezisulu; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Khona-ke umlilo kaJehova wehla waqeda umnikelo wokushiswa nezinkuni namatshe nothuli wakhotha namanzi ayesemseleni.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa neyokubonga, wakhuleka kuJehova; wamphendula ngomlilo ovela ezulwini phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa.


Ngokuba lapho ilangabi lenyuka lisuka e-altare liya ezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka ngelangabi le-altare. UManowa nomkakhe bakubona, bawa ngobuso emhlabathini.


Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye: “Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke phezu kwaleli dwala, uthele umhluzi.” Wenze njalo.


UManowa wayesethatha izinyane lembuzi nomnikelo womlilo, wanikela ngawo kuJehova edwaleni; ingelosi yenza ngokumangalisayo; uManowa nomkakhe babheka.


Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakwenza lokhu akukhulumileyo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite