Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekukhuphukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi, umhlaba wazamazama, nezulu laconsa, namafu aconsa amanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 “Simakade lapho uphuma eSeyiri, uphuma esifundeni kwa-Edomi umhlaba wazamazama namazulu ayithulula, amafu athulula amanzi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:4
13 Referans Kwoze  

Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.


Umhlaba wazamazama, wazamazama; izisekelo zezulu zanyakaza, zazamazama, ngokuba wayethukuthele.


Amayezi athulula amanzi, umoya wakhipha umsindo; nemicibisholo yakho yaphumela phesheya.


Owenza umhlaba unyakaze usuke endaweni yawo, zithuthumele izinsika zawo.


ozwi lakhe ngalesosikhathi lazamazamisa umhlaba, kodwa khathesi uthembisile, esithi: Ngisezakuba kanye futhi, kungeyisikho umhlaba wodwa, kodwa lezulu.


Wena, Nkulunkulu, wathumela imvula enkulu, owaqinisa ngayo ifa lakho lapho selikhathele.


Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.


Wabayala wathi: “Niyakukhuluma kanje enkosini yami u-Esawu; Isho kanje inceku yakho uJakobe, ithi: Ngahlala kuLabani njengowezizwe, ngahlala khona kwaze kwaba manje.


Thina singabakho; awuzange ubabuse; kababizwa ngebizo lakho.


Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite