Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 “Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:31
39 Referans Kwoze  

Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu.


Uyakuba njengokukhanya kokusa ekuphumeni kwelanga, njengokusa okungenamafu; njengotshani obuthambile obumila emhlabeni ngokukhazimula ngokukhazimulayo ngemva kwemvula.


Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.


Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.


Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.


Ngoba engithanda, ngakho ngizamsindisa; ngiyakumphakamisa, ngokuba elazi iGama lami.


Inzalo yakhe iyakuma kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sinjengelanga phambi kwami.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?


Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.


Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe.


Khona sizokwazi uma sifuna ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe sekulungile njengokusa; futhi uyofika kithi njengemvula, njengemvula yamuva neyokuqala emhlabeni.


Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Nina enithanda uJehova zondani okubi; Ulondoloza imiphefumulo yabathandekayo bakhe; Uyabasindisa esandleni sababi.


Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.


IZiyoni yezwa, yathokoza; amadodakazi akwaJuda ajabula ngezahlulelo zakho, Jehova;


Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, ngokuba bheka, izitha zakho ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.


Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho.


Futhi ngihawukele izinkulungwane zalabo abangithandayo futhi bagcine imiyalo yami.


Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.


Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngobuqotho. Amen. (Kwabase-Efesu ilotshwa eRoma, nguThikhiku.)


Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.


Bheka, kwafika uKusi; uKushi wathi: “Thumela, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.


Liyokuma kuze kube phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekile ezulwini. Sela.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;


Inkosi yathi kuKushi: “Ingabe insizwa u-Abisalomu iphephile na?” UKusi waphendula wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza, makube njengaleyo nsizwa;


Ukuphuma kwalo kusukela emkhawulweni wezulu nokujikeleza kwalo kuya emikhawulweni yalo, futhi akukho okufihlekile ekushiseni kwalo.


Awela phansi, kodwa thina sasukuma sama saqonda.


Kepha nina niyakuluphakamisa uphondo lwami njengolwenyathi, ngigcotshwe ngamafutha amasha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite