Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wathumela wabiza uBharaki indodana ka-Abinohama eKedeshinafetali, wathi kuye: “Akashongo yini uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuthi: ‘Hamba uye entabeni yaseThabori, uthathe amadoda ayizinkulungwane eziyishumi kubantwana bakwaNafetali, uhambe nawe, abanye babantwana bakwaZebuloni na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:6
21 Referans Kwoze  

Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;


Ngokuba iNkosi yasiyala kanjalo, ithi: “Ngikubekile ukuba ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Wayesethi kuSeba noSalimuna: “Babengobani laba enababulala eThabori na? Base bephendula bathi: “Njengoba unjalo, babenjalo; ngamunye wayebukeka njengabantwana benkosi.


neKedeshi, ne-Edreyi, ne-Enihasori,


Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Kuphila kwami, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti: Impela njengeThabori phakathi kwezintaba nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyofika.


Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho.


Vuka, Jehova, ngentukuthelo yakho, uziphakamise ngenxa yentukuthelo yezitha zami, uvuke ngenxa yami ngenxa yokwahlulela okuyale ngakho.


Kumelwe usuke lapho, ufike ethafeni laseThabhori; amadoda amathathu ayakuhlangana nawe ekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ethwele izimbuzi ezintathu, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba lewayini.


Ngalolo suku uDebora noBaraki, indodana ka-Abinohama, bahlabelela, bathi:


UBharaki wabiza oZebuloni noNafetali eKedeshi; wakhuphuka namadoda ayizinkulungwane eziyishumi ezinyaweni zakhe, noDebora wakhuphuka naye.


Esizweni sakwaNafetali, iKedeshi yaseGalile nedlelo layo, umuzi okhululekile wokuhlatshwa; neHamoti-dori nedlelo layo, neKartani nedlelo layo; imizi emithathu.


Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngezizukulwane zabo.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


Umkhawulo usuka eThabori, naseSahasima, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwaseJordani: imizi eyishumi nesithupha nemizana yayo.


Wathuma izithunywa kuwo wonke uManase; wathuma izithunywa ko-Asheri, noZebuloni, noNafetali; bakhuphuka ukubahlangabeza.


UJehova wathuma oJerubali noBedani noJefta noSamuweli wanikhulula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala ngokulondeka.


Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSere, neHamati, neRakati, neKinereti,


Unengalo enamandla, isandla sakho sinamandla, isandla sakho sokunene siphakeme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite