Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuze bagwetshwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wayevame ukuhlala phansi kwesihlahla sesundu sikaDebhora, phakathi kweRama neBhethele kwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli babenyukela kuye ukuba abehlulele.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:5
18 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu; URaheli owayekhalela abantwana bakhe wala ukududuzwa ngabantwana bakhe ngoba bengekho.


Kwakukhona umuntu othile waseRamatayimi-sofi, wasezintabeni zakwa-Efrayimi, ogama lakhe lalingu-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Elihu, indodana kaThohu, indodana kaSufi, wakwa-Efrayimi.


iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,


neBeti Raba, neShemaraimi, neBethele,


Wasuka eBethele, waya eLushe, wadabula emingceleni yase-Arki e-Atharoti;


Basebeqondisa abantu ngazo zonke izikhathi; izindaba ezinzima baziletha kuMose, kepha zonke izindaba ezincane bazihlulela bona.


Manje lalela izwi lami, ngizokululeka, futhi uNkulunkulu uyakuba nawe: yiba noNkulunkulu kubantu, ukuze ulethe izindaba kuNkulunkulu.


Kwathi ngangomuso uMose wahlala ukwahlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


Kepha uDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa phansi kweBethele phansi kwe-oki, igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibhakuti.


Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula.


Nxa benecala, bayeza kimi; ngiyakwahlulela phakathi kwabo, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.


UDebora, umprofethikazi, umkaLapidoti, wayehola u-Israyeli ngaleso sikhathi.


Lapho uSawule ezwa ukuthi uDavide utholakele namadoda ayenaye, uSawule wahlala eGibeya ngaphansi komuthi eRama ephethe umkhonto wakhe esandleni sakhe, nazo zonke izinceku zakhe zazimi ngakuye.


Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite