Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova wabathengisa esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owayebusa eHasori; induna yakhe kwakunguSisera, owayehlala eHaroshethi labezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:2
11 Referans Kwoze  

Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe, yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba; akwasala muntu.


USisera wabutha zonke izinqola zakhe, izinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye, nabo bonke abantu ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kufike emfuleni iKishoni.


Kwathi uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabe inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimroni, nasenkosini ka-Asafa,


Yenza kubo njengakwaMidiyani; ngoSisera, noJabini, ngasemfudlaneni iKishoni;


Lapho sebekhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.


Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.


ne-Adamu, neRama, neHasori,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite