Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Ristayimi, inkosi yase-Aramu Pothamiya;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:8
20 Referans Kwoze  

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.


Ngabona amatende akwaKushani ecindezelwe, nezilenge zezwe lakwaMidiyani zithuthumela.


Wathi: “Impela ngiyakuhamba nawe; ngoba uJehova uzathengisa uSisera esandleni sowesifazana. UDebora waqeda, wahamba noBaraki eKedeshi.


Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.


Ukususile konke ulaka lwakho; Usukile ekuvutheni kolaka lwakho.


Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho.


Lapho sebekhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli; wathi: “Ngokuba laba bantu beqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, bengalalelanga izwi lami;


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.


Futhi intukuthelo yami iyovutha, futhi ngizonibulala ngenkemba; omkenu bayakuba ngabafelokazi nabantwana benu babe yizintandane.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, waqondisa u-Israyeli, waphuma ukulwa. Isandla sakhe saba namandla phezu kukaKushan-Risatayim.


Uthengisa ngabantu bakho mahhala, ungandisi ingcebo yakho ngentengo yabo.


Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Wabanikela esandleni sabezizwe; labo ababebazonda bababusa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite