Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Emva kwakhe kwaba nguSamgari indodana ka-Anati owabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu ayisithupha ngociko lwenkabi; wasindisa no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:31
17 Referans Kwoze  

Emihleni kaSamgari indodana ka-Anati emihleni kaJayeli imigwaqo yayingenamuntu, abahambi babehamba emigwaqweni.


Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwa ize.


UDavide wamnqoba umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.


Lonke leli bandla liyakwazi ukuthi uJehova akophuli ngenkemba nangomkhonto; ngokuba impi ingekaJehova, uyakuninikela esandleni sethu.


Wafumana umhlathi wembongolo entsha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo inkulungwane yamadoda.


Bakhetha onkulunkulu abasha; kwaba khona impi emasangweni; Kwakukhona isihlangu noma umkhonto phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


Kodwa uJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni salabo ababebaphanga.


Ilizwi likaSamuweli lafika kuIsrayeli wonke. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa e-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.


Abantwana bakwa-Amoni babuthana, bamisa kwaGileyadi. Abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ekufeni kuka-Ehudi.


Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Lapho sebekhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.


Wayesethi uJehova kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginikhululanga yini esandleni sabaseGibithe, nakuma-Amori, nabantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite