Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; futhi ngaye abantwana bakwa-Israyeli bathumela isipho ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:15
22 Referans Kwoze  

Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.


Kwathi ezibulala, zamfuna; babuya, babuza kuNkulunkulu ekuseni.


Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: Yenzani isivumelwano nami ngesipho, niphume nize kimi; nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe;


Babehlome ngeminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ukujikijela amatshe nemicibisholo ngomnsalo, bephuma kubafowabo bakaSawule bakwaBenjamini.


Phakathi kwalaba bantu bonke kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiwe angamanxele; yilowo nalowo wayengajikijela amatshe ububanzi bezinwele, angageji.


Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikubonise izinto ezinkulu nezinamandla ongazaziyo.


Isipho ekusithekeni sithulisa ukuthukuthela, umvuzo esifubeni ulaka olunamandla.


Abaningi bayakuncenga isikhulu, bonke bangabangane bakhe ophayo.


Isipho somuntu simvulela indawo futhi simyisa phambi kwabakhulu.


Sithokozise ngokwezinsuku owasicindezela ngazo nangeminyaka esabona ngayo ububi.


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


Kepha abantwana bakwaBeliyali bathi: “Lo uyakusisindisa kanjani na?” Futhi bamdelela, futhi abazange bamlethele izipho. Kodwa wathula.


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.


Kodwa u-Ehudi wazenzela inkemba esika nhlangothi zombili, ubude bayo buyingalo; walibhinca ngaphansi kwengubo yakhe ethangeni lakhe lokunene.


Kodwa uJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni salabo ababebaphanga.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli.


UJowabe wasesithi kuAmasa: Uyaphila, mfowethu? UJowabe wabamba u-Amasa ngentshebe ngesandla sokunene ukuze amange.


Kepha u-Amasa akayinaka inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wafa. UJowabe nomfowabo u-Abishayi bamxosha uSheba indodana kaBigi.


Amadodana kaBela kwakungu-Adari, noGera, no-Abihudi;


noGera, noZefufani, noHiramu.


Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe: izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, iminyaka ngeminyaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite