Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 UFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, wema phambi kwakhe ngalezo zinsuku, wathi: “Ngiphinde ngiphume ukulwa nabantwana bakwaBhenjamini, umfowethu, noma ngiyeke?” Wayesethi uJehova: “Yenyuka; ngoba kusasa ngizawanikela esandleni sakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 uFinehasi indodana ka-Eleyazare ka-Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: “Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na?” UJehova wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 noFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni, wayemi phambi kwawo ngalezo zinsuku, bathi: “Siphinde yini siphume siyolwa nabafowethu bakwaBhenjamini noma siyeke, na?” USimakade waphendula wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngizobanikela esandleni senu.”

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:28
21 Referans Kwoze  

Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka, wehlele empini; ngoba ngiyinikele esandleni sakho.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba ame akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe kuze kube phakade.


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova simkhonze, sibusise egameni lakhe kuze kube namuhla.


Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukumuntu ukuba aqondise izinyathelo zakhe.


Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.


Bawubeka umphongolo kaNkulunkulu enqoleni entsha, bawukhipha endlini ka-Abinadaba eyayiseGibeya; u-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abinadaba, bashayela inqola entsha.


UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe leliviyo na? ngiyakubafica, wathi kuye: “Xosha, ngokuba uyakuwafica nokuwafica, ubuyise konke ngaphandle kokulibala.


USawuli wasebuza kuNkulunkulu wathi: Ngilandele amaFilisti yini? uyakuwanikela esandleni sika-Israyeli na? Kodwa akazange amphendule ngalolo suku.


Wayesethi uJehova: “UJuda uyakukhuphuka; bheka, ngiyakunikela izwe esandleni sakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli bathumela kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasengxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi;


UJoshuwa wayesethi: “Awu, Nkosi Jehova, ubaweliseleni lababantu iJordani ukuba usinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise na? Sengathi ngabe sathokoza kuNkulunkulu, sahlala phesheya kweJordani!


Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo kusihlwa livela ensimini, nalo livela ezintabeni zakwa-Efrayimi; wagogobala eGibeya, kepha abantu baleyo ndawo babengabakwaBenjamini.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, yaba ngumkakhe; wamzalela uFinehasi. Lezi ziyizinhloko zemindeni yamaLevi ngezizukulwane zabo.


indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite