Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:1
35 Referans Kwoze  

UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi, abantu bammisa waba yinhloko nombusi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.


ukuguqula umbuso wendlu kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.


USamuweli wabizela ndawonye abantu kuJehova eMispa;


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe umprofethi kaJehova.


Base bethi abantwana bakwa-Israyeli: “Ngubani phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ongakhuphukelanga eNkosini kanye nenhlangano na?” Ngokuba benza isifungo esikhulu ngaye ongakhuphukelanga kuJehova eMispa, wathi: “Umelwe ukubulawa nokubulawa.”


Kwathi abantwana bakwa-Israyeli bekuzwa lokho, yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo ukubahambela.


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose uJehova ayala ngayo u-Israyeli.


Inkosi yasisithi kuJowabi induna yebutho eyayilaye: Hamba khathesi ezizweni zonke zakoIsrayeli, kusukela koDani kusiya eBherisheba, ubale abantu, ukuze ngazi umumo wabantu.


Kwathi ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana njengomuntu munye eJerusalema.


Basebesenza isimemezelo sokuthi kumemezelwe kuIsrayeli wonke, kusukela eBherisheba kuze kufike kwaDani, ukuthi beze ukumenzela iPhasika i Nkosi uNkulunkulu kaIsrayeli eJerusalema, ngoba kwase kuyisikhathi eside bengalenzi njengalokhu lalisenziwa kubhaliwe.


UDavide wathi kuJowabe nasezinduneni zabantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani; nilethe kimi inani labo, ukuze ngilazi.


Kwathi lapho zonke izinduna zamabutho, zona namadoda azo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBhabhiloni imise uGedaliya umbusi, zafika kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani, indodana kaKhareya, noSeraya, Indodana. KaThanhumethi umNethofa, noJahazaniya indodana yomMahagathi, bona namadoda abo.


Wathobisa inhliziyo yamadoda onke akwaJuda njengenhliziyo yamuntu munye; bathuma leli zwi enkosini, bathi: “Buya, wena nezinceku zakho zonke.”


wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke.


Bonke abantwana bakwa-Israyeli nabo bonke abantu bakhuphukela endlini kaNkulunkulu, bakhala, bahlala phansi phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga phambi kukaJehova. NKOSI.


Abantwana bakwa-Israyeli basebezilungisa, bakhuphukela endlini kaNkulunkulu, bacela iseluleko kuNkulunkulu, bathi: “Ngumuphi kithi ozokhuphukela kuqala ukulwa nabantwana bakwaBenjamini na?” UJehova wathi: “UJuda makakhuphuke kuqala.”


Bonke abantu bakwa-Israyeli babuthana emzini, beboshiwe njengamuntu munye.


Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Asiyikuya etendeni lakhe, futhi asiyikungena endlini yakhe.”


Kwasekubonakala izikhulu zabo bonke abantu bezizwe zonke zakwa-Israyeli ebandleni labantu bakaNkulunkulu, amadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu amane angumgundatshani, arhola inkemba.


Bawubiza umuzi ngokuthi uDani ngegama likayise uDani owazalelwa u-Israyeli; kodwa igama lomuzi ekuqaleni laliyiLayisi.


Abantwana bakwa-Amoni babuthana, bamisa kwaGileyadi. Abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.


Kwakukhona abaningi abesizwe sakwaManase; ngoba wayelizibulo likaJosefa; okungukuthi, uMagiri, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi; ngokuba wayeyindoda yempi, ngalokho waba nelakwaGileyadi neBashani.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;


neMispa, neKefira, noMose,


noDileyan, neMispa, noJokiteyeli,


UMose walinika uMagire indodana kaManase iGileyadi; wahlala kulo.


UJeremiya waya kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa; wahamba wayohlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


Kwadabula phambi kukaJehova kungathi izinkulungwane ezingamashumi amane ezihlomele ukulwa emathafeni aseJeriko.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase babuya basuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo elisezweni laseKhanani ukuya ezweni lakwaGileyadi ezweni eliyifa labo adliwa njengefa njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.


UJefta wafika endlini yakhe eMispa; futhi wayezelwe yedwa; ngaye wayengenandodana nandodakazi.


Bheka, ngiqonde ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova wakhuluma kuDavide ubaba ngokuthi: ‘Indodana yakho engiyayibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho iyokwakhela indlu yami igama.


naseHasarishuli naseBeri Sheba nasemizini yalo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite