Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 2:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 2:14
35 Referans Kwoze  

UJehova wayilahla yonke indlu yakwa-Israyeli, wayicindezela, wayinikela esandleni sababhubhisi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.


UJehova wabathengisa esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owayebusa eHasori; induna yakhe kwakunguSisera, owayehlala eHaroshethi labezizwe.


Bayowela omunye komunye njengenkemba, kungekho obaxoshayo; futhi ngeke nibe namandla okuma phambi kwezitha zenu.


Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.


Ngoba noma benilichithe lonke ibutho lamaKaledi alwa nani, kwasala abalimele phakathi kwabo, nokho bebeyakuma, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, awushise lo muzi ngomlilo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.


Uthengisa ngabantu bakho mahhala, ungandisi ingcebo yakho ngentengo yabo.


Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula kophumayo nakongenayo, kepha ukuhlupheka okukhulu kwaba phezu kwabo bonke abakhileyo kulelo zwe.


Ama-Amori amphoqa umntwana entabeni, ngokuba ayengafuni ukubavumela ukuba behlele esigodini.


UJehova wayenaye uJuda; wabaxosha abakhe entabeni; kodwa babengenakuxosha abakhe esigodini, ngokuba babenezinqola zensimbi.


Uma ningaqapheli nokuqaphela ukwenza onke amazwi alo mthetho alotshwe kule ncwadi, ukuze nesabe leli gama elikhazimulayo nelesabekayo, elithi Jehova uNkulunkulu wenu;


UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.


UJehova uyakuthuma phezu kwakho iziqalekiso, nokuhlushwa, nesijeziso kukho konke obeka isandla sakho ukukwenza, uze ubhujiswe, ubhubhe masinyane; ngenxa yobubi bezenzo zenu oNgishiyile ngazo.


Bhekani, senivukile esikhundleni sawoyihlo, isixuku sabantu abayizoni, ukwandisa ulaka lweNkosi phezu kuka-Israyeli.


Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli; wathi: “Ngokuba laba bantu beqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, bengalalelanga izwi lami;


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, ngokuba benza okubi emehlweni kaJehova.


Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi babe ngabahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli, nganiphumuza kuzo zonke izitha zakho. UJehova futhi uyakutshela ukuthi uzokwenzela indlu.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sikaHasayeli inkosi yase-Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHasayeli zonke izinsuku zabo.


Ngalokho wabanikela esandleni sezitha zabo ezabathukuthelisa; futhi ngokobubele bakho obukhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabazulazula ehlane iminyaka engamashumi amane, saze sabhubha sonke isizukulwane esasenza okubi emehlweni kaJehova.


Uma nephulile isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngaso, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele; intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.


Intukuthelo kaJehova yaphinda yamvuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ukuba athi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.


Ngakho uJehova uNkulunkulu wakhe wamnikela esandleni senkosi yase-Aramu; bamehlula, bathumba kubo isixuku esikhulu, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli, yamshaya ngokuceka okukhulu.


Wasinika njengezimvu ezidliwayo; wasihlakazela phakathi kwabezizwe.


Ngubani owanikela uJakobe kube yimpango, no-Israyeli kubaphangi? Akusiye uJehova esone kuye na? ngoba abazange bahambe ezindleleni zakhe futhi abawulalelanga umthetho wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite