Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 2:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 2:13
19 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.


Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini noma emhlabeni, njengokuba kukhona onkulunkulu abaningi, namakhosi amaningi,


Nezindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ezazingakwesokunene sentaba echithayo, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azakhela u-Ashitaroti, isinengiso samaSidoni, noKemoshi, isinengiso sakwaMowabi, UMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni wangcolisa inkosi.


Ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti, unkulunkulu wamaSidoni, noKemoshi, unkulunkulu wamaMowabi, noMilkomu, unkulunkulu wabantwana bakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami amehlo, nokugcina izimiso zami nezahlulelo zami, njengoDavide uyise.


USolomoni walandela uAshitoreti unkulunkulu wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe odongeni lwaseBeti Shani.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli, wathi: “Uma niphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti phakathi kwenu, nilungise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa. Uyokusindisa esandleni samaFilisti.


Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.


Kuyakuthiwa: Ngokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho wabehlisela bonke lobu bubi phezu kwabo.


U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori; ulaka lweNkosi lwamvuthela u-Israyeli.


Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki, inkosi yaseGibithe, wahlasela iJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova;


Ngaphezu kwalokho, wabangela ukuba kushunqe umusi esigodini sendodana kaHinomu futhi washisa abantwana bakhe ngomlilo njengezinengiso zezizwe uJehova azixosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise ayezidilizile, wamisela oBhali ama-altare, wenza nemithi, wakhuleka, walikhonza ibandla lonke lasezulwini.


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Uzakuthi kibo: Ngoba oyihlo bangitshiyile, itsho iNKOSI, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, babakhothamela, bangilahla, kabagcinanga umlayo wami;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite