Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: ‘Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 2:1
41 Referans Kwoze  

Ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama; futhi ngizocabanga ngezwe.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikugcine endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


Ngase ngithatha intonga yami, uBuhle, ngayinqamula, ngephule isivumelwano sami engasenza nabo bonke abantu.


Ungasinyanyi ngenxa yegama lakho, ungasijabhisi isihlalo sobukhosi senkazimulo yakho; khumbula, ungaphuli isivumelwano sakho nathi.


Kukho konke ukuhlupheka kwabo wacindezelwa, ingilosi yobuso bakhe yabakhulula; othandweni lwakhe nangobubele bakhe wabahlenga; wazithwala, wazithwala zonke izinsuku zasendulo.


Angiyikwephula isivumelwano sami, nokuphuma emlonyeni wami angiyikukuguqula.


Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.


Baqamba leyo ndawo ngokuthi iBogimi, bahlabela uJehova khona.


UJoshuwa wasesithi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, lokuthi uzaxotsha amaKhanani, lamaHethi, lamaHivi, lamaPerizi, lamaGirigashi, lamaAmori phambi kwenu, kanye lamaJebusi.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;


Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


Ngokwenani lezinsuku enalihlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, unyaka nonyaka, niyakuthwala ububi benu, iminyaka engamashumi amane, naphule izwi lami.


Kepha nokho, uma besezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, angiyikunengwa ngabo, ngokubashaya ngesiqalekiso, ngaphule isivumelwano sami nabo; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo.


Wathi: “Ubuso bami buyakuhamba nawe, ngikuphumuze.”


Ingelosi kaNkulunkulu eyaphuma phambi kwempi yakwa-Israyeli yasuka, yabalandela; insika yefu yasuka phambi kwawo, yema emva kwawo.


UJehova uyakunilwela, nina nithule;


Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.


Wasebiza ibizo leN kosi eyayikhuluma laye wathi: UNkulunkulu wakho uyangibona, ngoba wathi: Kambe ngimbonile yini lapha ongibonayo?


Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.


UJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Nganikhuphula eGibithe, nganikhipha endlini yobugqila;


Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali.


Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.


Aniyikuthatha yini lokho unkulunkulu wenu uKamose akunika khona ukuba ukudle? Yilowo nalowo uJehova uNkulunkulu wethu amxoshayo phambi kwethu, siyakumdla.


Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite